Ngokukaluka 19:40-45 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

40. Waphendula wathi: “Ngithi kini: Uma bethula laba, amatshe azakumemeza.”

41. Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.

42. Wathi: “Sengathi nga wazi nawe ngalolu suku okokuthula. Kepha kalokhu kufihlakele emehlweni akho.

43. Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke,

44. zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”

45. Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo,

Ngokukaluka 19