Ngokukaluka 18:23-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Kuthe ekuzwa lokho, wadabuka impela, ngokuba wayenothile kakhulu.

24. UJesu embona wathi: “Kulukhuni kangakanani kwaba nomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.

25. Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”

26. Abezwayo base bethi: “Pho, kungasindiswa bani na?”

27. Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”

Ngokukaluka 18