Ngokukaluka 15:8-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. “Noma ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi, uma elahlekelwe luhlamvu lwaba lunye, angokheli isibani, ashanele indlu, afunisise, aze aluthole?

9. Athi ukuba aluthole, abize abahlobo nabakhelwane, athi: ‘Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelungilahlekele.’

10. Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”

11. Wayesethi: “Umuntu othile wayenamadodana amabili.

12. Encane yawo yayisithi kuyise: ‘Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami;’ wawahlukanisela impahla.

13. “Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude, yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala.

Ngokukaluka 15