Ngokukaluka 1:35-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.

36. Bheka, u-Elisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba.

37. Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”

38. UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; akube kimi njengezwi lakho.” Ingelosi yamuka kuye.

39. Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda.

40. Wangena endlini kaZakariya, wambingelela u-Elisabethe.

Ngokukaluka 1