Ngokukajohane 7:41-45 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

41. Abanye bathi: “Lo unguKristu.” Kepha abanye bathi: “Kanti uKristu uvela eGalile na?

42. Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?”

43. Ngakho kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini.

44. Abanye-ke kubo babethanda ukumbamba; kepha akubangakho owambeka izandla.

45. Zafika-ke izikhonzi kubapristi abakhulu nakubaFarisi. Bathi kuzo: “Animlethanga ngani na?”

Ngokukajohane 7