Ngokukajohane 5:14-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Emva kwalokho uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho.”

15. Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo.

16. Ngenxa yalokho abaJuda bamzingela uJesu, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha.

17. Kepha wabaphendula wathi: “UBaba usebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.”

Ngokukajohane 5