Ngokukajohane 21:8-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe, ngokuba bebengekude nenhlabathi kepha kungathi izingalo ezingamakhulu amabili, bedonsa inetha linezinhlanzi.

9. Kuthe sebephumele emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi zibekwe kuwo, nesinkwa.

10. UJesu wathi kubo: “Lethani izinhlanzi kwenizibambe manje.”

11. Wasuka uSimoni Petru, walihudulela emhlabathini inetha. Ligcwele izinhlanzi ezinkulu, ziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu; noma zingako, inetha alidabukanga.

12. UJesu wathi kubo: “Wozani nidle.” Kepha akwabakho kubafundi owaba nesibindi sokumbuza ngokuthi: “Ungubani wena na?” Bazi ukuthi yiyo iNkosi.

13. UJesu weza, wathabatha isinkwa, wabapha, nezinhlanzi futhi.

Ngokukajohane 21