Ngokukajohane 20:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngosuku lokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni.

2. Khona wayesegijima waya kuSimoni Petru nakulowo mfundi omunye uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapha beyibeke khona.”

3. Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni.

Ngokukajohane 20