Ngokukajohane 19:33-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Esefika kuJesu, ebona ukuthi usefile, kawayaphulanga imilenze yakhe;

34. kodwa elinye lamabutho lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi.

35. Obonileyo ufakazile, ubufakazi bakhe buqinisile; yena-ke uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nikholwe nani.

36. Ngokuba lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke umbhalo othi: “Akuyikwaphulwa thambo lakhe.”

37. Futhi omunye umbhalo uthi: “Bayakumbheka abamgwazileyo.”

Ngokukajohane 19