Ngokukajohane 16:7-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.

8. Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela:

9. ngesono, ngokuba bengakholwa yimi;

10. ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;

11. ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli zwe wahlulelwe.

12. “Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje.

Ngokukajohane 16