Ngokukajohane 13:19-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. “Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki ukuba, nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye.

20. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.”

21. UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni, wafakaza wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uyakungikhaphela.”

22. Abafundi babhekana bengabaza ukuthi ukhuluma ngobani.

Ngokukajohane 13