8. Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.”
9. Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho. Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela, kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo.
10. Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru,
11. ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu.