Ngokukajohane 12:8-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.”

9. Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho. Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela, kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo.

10. Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru,

11. ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu.

Ngokukajohane 12