Kwabaseroma 6:15-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.

16. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na?

17. Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono senilalela ngenhliziyo indlela yesifundiso enanikelwa kuyo

18. nokuthi, senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga.

Kwabaseroma 6