2. ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize noma kuyiphi into angase ayidinge kini, ngokuba yena ube ngumsizi wabaningi, nowami uqobo.
3. Khonzani koPriska no-Akwila, izisebenzi ezikanye nami kuKristu Jesu,
4. abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe.
5. Khonzani nasebandleni elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu, isithandwa sami, ongulibo lwase-Asiya kuKristu.
6. Khonzani kuMariya owanisebenzela kakhulu.
7. Khonzani ko-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababe yiziboshwa kanye nami, abaqhamileyo kubaphostoli nababe kuKristu ngaphambi kwami.
8. Khonzani ku-Ampiliyatu, isithandwa sami eNkosini.
9. Khonzani ku-Urbanu, isisebenzi kanye nathi kuKristu nakuStaku, isithandwa sami.