Kwabaseroma 14:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo.

2. Omunye ukholwa ukuthi angadla konke, kepha obuthakathaka udla imifino.

3. Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.

4. Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.

Kwabaseroma 14