4. nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni.
5. Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,
6. okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu,
7. ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho;
8. kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu;
9. ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,
10. nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo,