Kwabasekolose 2:19-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. engabambeleli kuye oyinhloko, okungaye umzimba wonke usizwa, uhlanganiswa ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.

20. Uma nifile kanye noKristu nakhululwa ezifundisweni zokucathula kwezwe, yini ukuba okungathi nisaphila ngokwezwe nithobele izifundiso zokuthi:

21. “Ungaphathi, ungezwa ngolimi, ungathinti,”

22. okuphela konke ngokudliwa ngokweziyalezo nezifundiso zabantu

23. ezinegama lokuhlakanipha kambe ngokuzikhethela inkonzo, nangokuzithoba, nangokuhlupha umzimba; akusizi lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.

Kwabasekolose 2