Kwabasefilipi 2:17-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;

18. ngokunjalo-ke thokozani nani, nithokoze kanye nami.

19. Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu.

20. Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho;

21. ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu.

Kwabasefilipi 2