Kwabasefilipi 2:16-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize.

17. Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;

18. ngokunjalo-ke thokozani nani, nithokoze kanye nami.

19. Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu.

20. Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho;

21. ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu.

22. Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise.

23. Yena-ke ngiyethemba ukumthuma masinyane, uma sengibonile ukuthi okuqondene nami kophelelaphi;

24. kepha ngiyethemba eNkosini ukuthi nami ngizakuza eduzane.

25. Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami,

26. lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula.

Kwabasefilipi 2