6. njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi:“Wena ungumpristi kuze kube phakadengokokuma kukaMelkisedeki,”
7. owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
8. Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho;
9. esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo,
10. ebizwa nguNkulunkulu ukuthi umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.