11. Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu,
12. ethi:“Ngizakushumayeza abafowethu igama lakho,ngihlabelele ngawe phakathi kwebandla,”
13. futhi:“Ngiyakubeka ithemba lami kuye,”futhi:“Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.”
14. Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane,
15. abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni.