Kumaheberu 12:4-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Anikamelani nezono nilwa kuze kube segazini;

5. senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi:“Ndodana yami,ungadeleli ukulaya kweNkosi,uphele amandla, nxa usolwa yiyo,

6. ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayoishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.”

7. Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na?

8. Kepha uma ningalaywa, abathe bonke benziwa abahlanganyeli kukho, khona-ke ningabesihlahla, anisiwo amadodana.

9. Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na?

10. Ngokuba bona kambe basilaya izinsukwana njengokubona kwabo, kepha yena kube yinsizakalo, size sithole ukuhlanganyela ubungcwele bakhe.

Kumaheberu 12