5. Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:“UyiNdodana yami wena,namuhla ngikuzele,” na?nokuthi:“Ngiyakuba nguYise kuyona,yona ibe yiNdodana kimina,” na?
6. Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi:“Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”
7. Ngezingelosi uthi:“Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”
8. Kepha ngeNdodana uthi:“Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu,singesaphakade naphakade;intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.
9. Uthandile ukulunga,wazonda ububi;ngalokho-ke uNkulunkulu,uNkulunkulu wakho,ukugcobile ngamafutha enjabulongaphezu kwabafowenu,”