Izenzo 21:15-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Emva kwalezo zinsuku sabopha impahla, sakhuphukela eJerusalema;

16. kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.

17. Sesifinyelele eJerusalema, abazalwane basamukela ngokujabula.

18. Ngangomuso uPawulu wangena nathi kuJakobe; namalunga onke ayekhona.

19. Wababingelela, wabalandisa ngakho konke ngakunye uNkulunkulu abekwenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.

20. Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho;

21. sebebikelwe ngawe ukuthi ufundisa bonke abaJuda abaphakathi kwabezizwe ukuhlubuka kuMose, uthi mabangasoki abantwana babo, bangahambi ngamasiko.

22. Pho-ke, senze njani na? Impela bazakuzwa ukuthi usufikile.

23. Ngakho yenza lokhu esikusho kuwe: Kukhona kithi amadoda amane azibophile ngesifungo;

24. wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho.

Izenzo 21