32. “Kalokhu sengiyanibeka eNkosini nasezwini lomusa wayo, yona enamandla okwakha nokwabela ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiweyo.
33. Angifisanga siliva lamuntu, nagolide, nangubo;
34. nina niyazi ukuthi lezi zandla zasebenzela izinswelo zami nezababe nami.
35. Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”
36. Eseshilo lokho waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka.
37. Bakhala kakhulu bonke, bamgona uPawulu ngentamo, bamanga,
38. belusizi kakhulu ngezwi alishilo lokuthi abasayikubona ubuso bakhe. Base bemphelekezela, baya emkhunjini.