Izenzo 20:11-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. esenyukile wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma nabo isikhathi eside kwaze kwasa; wayesemuka-ke.

12. Base bemletha umfana ephilile, baduduzeka kakhulu.

13. Kepha thina sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya e-Asu, lapho sasizakumkhwelisa khona uPawulu; ngokuba wayenqumile kanjalo, yena ebezakuhamba ngezinyawo.

14. Kwathi esehlangene nathi e-Asu, samkhwelisa, safika eMithilene;

15. sesimukile lapho ngomkhumbi, ngangomuso safika maqondana neKiyu; ngangomhlomunye sasondela eSamu; ngolulandelayo safika eMilethu.

16. Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste.

17. EseMilethu wathumela e-Efesu, wabiza amalunga ebandla.

18. Kwathi esefikile kuye, wathi kuwo: “Niyazi nina ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya nganginjani isikhathi sonke nginani,

Izenzo 20