Izenzo 19:27-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Ngakho akusikho lokhu kuphela ukuba umsebenzi wethu usengozini yokudelelwa, kodwa nethempeli lonkulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuthiwa aliyinto yalutho, nobukhulukazi bakhe sebuzakuphela, yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke.”

28. Kwathi bekuzwa lokho, bagcwala ulaka, bamemeza bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.”

29. Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, batheleka nganhliziyonye esigcawini sokubukela, babamba oGayu no-Aristarku, abaseMakedoniya, ababehamba noPawulu.

30. Kepha uPawulu esefuna ukungena phakathi kwabantu, abafundi abamvumelanga.

31. Nabanye bababusi base-Asiya, bengabahlobo bakhe, bathumela kuye, bamncenga ukuba angaze angena esigcawini sokubukela.

32. Khona-ke abanye bamemeza okunye nabanye okunye; ngokuba ibandla layaluza nje, nabaningi babengazi ukuthi babuthanele indabani.

33. Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhubela phambili; kepha u-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu.

34. Kwathi ukuba bezwe ukuthi ungumJuda, bamemeza bonke ngazwi linye kwangathi amahora amabili, bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.”

35. Kepha umbhali esebathulisile abantu wathi: “Madoda ase-Efesu, kukhona yini phakathi kwabantu ongaziyo ukuthi umuzi wase-Efesu ungumlondi wethempeli likaDiyana omkhulu nowesithombe esawa ezulwini na?

Izenzo 19