9. funa unike abanye udumo lwakho,naye ononya iminyaka yakho,
10. funa abezizwe basuthe ngamandla akho,umshikashika wakho ube sendlini yomfokazi,
11. uze ububule ekugcineni,lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe,
12. ngokuthi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywanokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa!
13. Angilalelanga izwi labafundisi bami,angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo.
14. Ngacishe ngaba sebubini bonkephakathi kwebandla nasemhlanganweni.”