4. Ngubani owenyukele ezulwini,wabuye wehla na?Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na?Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na?Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na?Ngubani igama lakhe,ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?
5. “Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile;uyisihlangu kwabaphephela kuye.
6. Ungenezeli emazwini akhe,funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.
7. “Yizinto ezimbili engizicela kuwe:unganginqabeli nazo, ngingakafi.