Izaga 3:22-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. kube ngukuphila emphefumulweni wakhonomusa entanyeni yakho.

23. Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka,ungaqhuzuli unyawo lwakho.

24. Lapho ulala phansi,awuyikwesaba lutho;nanxa usulale phansi,ubuthongo bakho buyakuba mnandi.

25. Ungethuswa luvalo oluzumayonokuchithwa kwababi, lapho kufika,

26. ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho,agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.

Izaga 3