18. Ngokuba impela umvuzo ukhona,nethemba lakho aliyikunqunywa.
19. Yizwa wena ndodana yami, uhlakaniphe,uhole inhliziyo yakho ngendlela.
20. Ungabi phakathi kwezinseli zewayininabayiziminzi zenyama.
21. Ngokuba inseli noyisiminzi bayakuba mpofu;ukozela kuyakwembathisa umuntu amanikiniki.
22. Lalela uyihlo owakuzalayo,ungamdeleli unyoko lapho esemdala.
23. Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo,nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.