19. Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo;ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.
20. Oqalekisa uyise nonina,isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.
21. Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni,kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.
22. Ungasho ukuthi:“Ngiyakuphindisela okubi,”yethemba kuJehova, uyakukusindisa.
23. Izisindo ezimbili ziyisinengiso kuJehova,nesilinganiso senkohliso asilungile.
24. Izinyathelo zomuntu zingezikaJehova;pho, umuntu angaqonda kanjani indlela yakhe na?