Izaga 2:3-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. yebo, uma ukhala ngengqondo,uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda,

4. uma ukufuna njengesiliva,ukuphenya njengamagugu afihliweyo,

5. khona uyakuqonda ukumesaba uJehova,ufumane ukumazi uNkulunkulu.

6. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.

7. Uyabekela abaqotho isibusiso,uyihawu kwabahamba bengenacala,

8. egcina izindlela zokulunga,elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.

Izaga 2