Izaga 17:6-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Abantwana babantwana bangumqhele wabadala,nodumo lwabantwana lungoyise.

7. Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula;kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.

8. Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo:noma ebhekaphi, uyaphumelela.

9. Osibekela isiphambeko ufuna uthando,kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.

10. Insolo ingena koqondileyokunemivimbo eyikhulu koyisiwula.

11. Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela;ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya.

Izaga 17