1. Othanda ukulaywa uthanda ukwazi;ozonda ukusolwa uyisiwula.
2. Omuhle uthola umusa kuJehova,kepha umuntu wamacebo uyamlahla.
3. Umuntu akanakuma ngobubi,kepha impande yabalungileyo ayiyikunyakaziswa.
4. Owesifazane okhutheleyo ungumqhele kuyo indoda yakhe,kepha ohlazisayo unjengokubola kwamathambo ayo.