Izaga 12:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Othanda ukulaywa uthanda ukwazi;ozonda ukusolwa uyisiwula.

2. Omuhle uthola umusa kuJehova,kepha umuntu wamacebo uyamlahla.

3. Umuntu akanakuma ngobubi,kepha impande yabalungileyo ayiyikunyakaziswa.

4. Owesifazane okhutheleyo ungumqhele kuyo indoda yakhe,kepha ohlazisayo unjengokubola kwamathambo ayo.

Izaga 12