Isililo 3:28-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Makahlale yedwa, athule,lapho emthwesa lona.

29. Makabeke umlomo wakhe othulini;mhlawumbe kungaba khona ithemba.

30. Makanike isihlathi sakhe komshayayo,asuthe ngenhlamba.

31. Ngokuba uJehova akayikulahlakuze kube phakade.

32. Ngokuba noma edabukisile,uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe.

Isililo 3