9. Amasango alo ashona emhlabathini;wachitha, wayaphula imigoqo yalo.Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe,lapho kungekho khona umthetho.Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.
10. Amalunga endodakazi yaseSiyoniahlezi emhlabathini, athule;athele uthuli emakhanda awo,abhince indwangu yamasaka.Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.
11. Amehlo ami ayaphela izinyembezi,izibilini zami ziyaxhaphazela;isibindi sami sithululelwe emhlabathiningenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami,ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.
12. Bathi konina: “Aphi amabele newayini?”lapho bedangala njengababulawayo ezigcawini zomuzi,imiphefumulo yabo ithululelwe ezifubeni zawonina.
13. Ngingafakaza ngokuthini ngawe,ngikufanise nani,ndodakazi yaseSiyoni, na?Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze,ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na?Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle.Ngubani ongakuphulukisa na?