1. Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi!Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi.Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.
2. Uyakhala nokukhala ebusuku,izinyembezi zawo zisezihlathini zawo;kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo;bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso,sebe yizitha zawo.
3. UJuda uthunjiwe ngenxayokuhlupheka nobugqila obuningi;uhlala phakathi kwabezizwe,katholi ukuphumula;bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.