3. Yayisingiyisa ehlane ngikuMoya. Ngabona owesifazane ekhwele isilo esibomvu, sigcwele amagama enhlamba, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.
4. Nowesifazane wayembethe okububende nokubomvu, evunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele*, ephethe isitsha segolide ngesandla sakhe, sigcwele amanyala nokungcolileyo kobufebe bakhe,
5. nasebusweni bakhe kulotshiwe igama eliyimfihlakalo lokuthi:IBABILONI ELIKHULU,UNINA WEZIFEBENOWAMANYALA OMHLABA
6. Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu.
7. Yayisithi kimi ingelosi: “Umangalelani na? Ngizakukutshela imfihlakalo yowesifazane neyesilo esimthweleyo, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.
8. Isilo owasibonayo sasikhona, asisekho; kepha sesizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala, labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila, selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona, kepha asisekho, kanti sizakuba khona.