Ekajuda 1:7-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.

8. Nokho ngokunjalo-ke nalabo abaphuphayo bangcolisa inyama, bayeyisa imibuso, bahlambalaza ubukhosi.

9. Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ephikisana noSathane, ekhulumisana naye ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokuletha ukwahlulela kokuhlambalaza, kodwa wathi: “INkosi mayikujezise.”

10. Kepha laba bayahlambalaza konke abangakwaziyo, nalokho abakwaziyo ngemvelo njengezidalwa ezingenangqondo babhubha ngakho.

Ekajuda 1