Amahubo 92:9-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova,bheka, izitha zakho, ziyakubhubha;bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.

10. Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi,ngigcotshwa ngamafutha amasha.

11. Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami,nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.

12. Olungileyo uyahluma njengesundu,uyakhula njengomsedari* eLebanoni.

Amahubo 92