36. Inzalo yakhe iyakuma phakade,isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.
37. Iyakuma phakade njengenyangananjengofakazi othembekileyo osemafwini.” Sela*
38. Kepha usumlahlile, wamala,wamthukuthelela ogcotshiweyo wakho.
39. Uchithile isivumelwano senceku yakho,wadumaza umqhele wayo, wawuphonsa emhlabathini.
40. Udilizile zonke izindonga zakhe,wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo.
41. Bonke abadlula ngendlela bayamphanga;waba yihlazo kwabakhelene naye.
42. Uphakamisile esokunene sabamelene naye,wajabulisa zonke izitha zakhe.
43. Futhi ubuyisele emuva usiko lwenkemba yakhe,awumvumelanga ukuma ekulweni.