Amahubo 88:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Icansi lami liphakathi kwabafileyo;nginjengababuleweyo abalele ethuneni,ongasabakhumbuli,benqunyiwe esandleni sakho.

6. Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke,ebumnyameni, otweni.

7. Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho;amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela*

8. Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude,wangenza ngibe yisinengiso kubo;ngivalelwe, ngingephume.

9. Iso lami liyafa ngosizi;ngikhala kuwe Jehova imihla yonke,ngizelulela izandla zami kuwe.

10. Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na?Ziyakuvuka yini izithunzi, zikubonge, na? Sela*

Amahubo 88