Amahubo 78:61-70 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

61. Wanikela amandla akhe ekuthunjweni,nenkazimulo yakhe esandleni sesitha.

62. Wanikela abantu bakhe enkembeni,wathukuthelela ifa lakhe.

63. Izinsizwa zabo zadliwa ngumlilo;izintombi zabo azihutshelwanga.

64. Abapristi babo bawa ngenkemba;abafelokazi babo abaze balila.

65. Yayisivuka iNkosi njengokade elele,njengesiqhwaga esikade sahlulwa yiwayini,

66. yazishayela emuva izitha zayo,yazithela ngehlazo eliphakade.

67. Yalahla indlu kaJosefa,ayikhethanga isizwe sakwa-Efrayimi.

68. Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda,intaba yaseSiyoni eyithandayo.

69. Yayakha indlu yayo engcwele njengezintabananjengomhlaba ewusekeleyo kuze kube phakade.

70. Yakhetha uDavide inceku yayo,yamthabatha ezibayeni zezimvu.

Amahubo 78