Amahubo 77:3-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula;ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*

4. Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki;ngikhathazekile,angisakwazi ukukhuluma.

5. Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo,ngeminyaka yaphakade.

6. Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu,ngizindla enhliziyweni yami;nomoya wami uyahlolisisa.

7. INkosi iyakulahla kuze kube phakade na?Ayisenakuphinda ibe nomusa na?

Amahubo 77