1. Jehova, ngiyethemba wena;mangingajabhi naphakade.
2. Ngikhulule ngokulunga kwakho, ungihlangulise;beka indlebe yakho kimi, ungisindise.
3. Yiba kimi idwala lokuhlala,ukuze ngiye kulo njalonjalo;ukuyalezile ukusindiswa kwami,ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.
4. Nkulunkulu wami,ngikhulule esandleni somubi,esandleni songalungile nesonakeleyo.