Amahubo 69:26-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela,baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.

27. Yengezela ukona ekoneni kwabo;mabangezi ekulungeni kwakho.

28. Mabesulwe encwadini yabaphilayo,bangalotshwa kanye nabalungileyo.

29. Mina kodwa ngihluphekile, ngibuhlungu;insindiso yakho,Nkulunkulu mayingilondoloze.

30. Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu,ngimphakamise ngokubonga.

Amahubo 69