1. Isiwula sithi enhliziyweni yaso:“Akakho uNkulunkulu,”iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka;akakho owenza okuhle.
2. UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantuukubona uma kukhona yini onokuqonda,ofuna uNkulunkulu.
3. Baphambukile bonke,bonakele bonke;akakho owenza okuhle,akakho noyedwa.
4. Abanakwazi yini abenza okubi,abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa,bengakhuleki kuNkulunkulu.