Amahubo 53:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Isiwula sithi enhliziyweni yaso:“Akakho uNkulunkulu,”iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka;akakho owenza okuhle.

2. UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantuukubona uma kukhona yini onokuqonda,ofuna uNkulunkulu.

3. Baphambukile bonke,bonakele bonke;akakho owenza okuhle,akakho noyedwa.

4. Abanakwazi yini abenza okubi,abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa,bengakhuleki kuNkulunkulu.

Amahubo 53