Amahubo 31:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova;mawungangijabhisi naphakade;ngikhulule ngokulunga kwakho.

2. Beka kimi indlebe yakho,ungophule masinyane,ube yidwala eliqinileyo kimi,indlu yezinqaba yokungisindisa.

3. Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;ngenxa yegama lakho uyakungihola,ungiqondise.

Amahubo 31