Amahubo 30:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Dumisani uJehova nina enimkhonzayo,nibonge igama lakhe elingcwele.

5. Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje,umusa wakhe uba ngowokuphila konke;kusihlwa kungena ukukhala,ekuseni ukujabula.

6. Mina ngithe ekubuseni kwami:Angisoze nganyakaziswa naphakade.

7. Jehova,ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami;wabufihla ubuso bakho,ngase ngithuthumela.

8. Ngakhala kuwe Jehova;nganxusa kuJehova, ngathi:

Amahubo 30